Ulwazi Magazine

WONKE AMABANGA ABALULEKILE

Kulula ukucabanga ukuthi umatikuletsheni iwona nyaka osemqoka kodwa iqiniso lithi wonke amabanga abalulekile. Unyaka nonyaka ukunika ithuba lokwakha amakhono akho, ukuthola okukuthokozisayo kanye nokulungiselela okulandelayo.

GRADE 8 — Zihlole futhi Uzithole

U-Grade 8 umayelana nokuzithola. Bheka kahle izifundo zakho ezahlukene uthole ukuthi iziphi ozithandayo nowenza kahle kuzo. Kanti futhi yisikhathi esihle sokuqinisa lapho ubungenzi kahle khona kusukela esikoleni samabanga aphansi.

 

GRADE 9 — Hlola Ikusasa Lakho

U-Grade 9 unyaka obalulekile wokukhetha izifundo ozozenza kwa-Grade 10 kuya ku-GradeNgaphambi kokwenza lezi zinqumo, qala wenza ucwaningo ngemisebenzi nezifundo namamaki adingekayo. Izifundo ozikhethayo zinomthelela kwizifundo zemfundo ephakame ozokwazi ukungena kuzona emva kukamatikuletsheni. Ungazikhethi ngaphandle kokucabanga ukuthi ufuna zikuyisephi.

 

GRADE 10 — Funda futhi Uzicije

U-Grade 10 ufika nezifundo ezintsha nomsebenzi omningi. Zinike isikhathi sokuzifunda futhi wenze kahle kuzona. Amamaki akho aqala manje ukwakha irekhodi lakho lezemfundo. Eminye imifundaze idinga imiphumela esuka ngisho kwa-Grade 10, ngakho ke ungacabangi ukuthi imiphumela kamatikuletsheni kuphela ebalulekile.

 

GRADE 11 — Zilungiselele, Wakhe

U-Grade 11 unyaka obaluleke kakhulu. Amanyuvesi amaningi asebenzisa imiphumela yabafundi yakwa-Grade 11 uma abafundi befaka izicelo zokufunda, ngakho ke imiphumela emihle ingasiqinisa isicelo sakho. Kubalulekile futhi ukuqonda umsebenzi wakho wakwa-Grade 11 ngokuphelele. Okuningi okufundayo kwa-Grade 11 kuyisisekelo salokho ozohlolwa ngakho kumatikuletsheni. Yenza isiqiniseko sokuthi uyakuqonda kahle konke, kunokukhumbula nje. Uma kungenzeka, qala ngomsebenzi wakwa-Grade 12 ungakafiki kumatikuletsheni.

 

GRADE 12 — Qinisa Kakhulu

Umatikuletsheni usemqoka, kodwa futhi unyaka omfishane futhi onzima. Kuningi okufundwayo esikhathini esincane, ngakho ke ukulinda uze ufike kwa-Grade 12 ukuze uzilungiselele kungakufakela ingcindezi. Sebenzisa ulwazi, amakhono nezindlela zokufunda owakwakha kusukela ku-Grade 8. Zazi ukuthi ufunani, ugxile kukhona wenze konke ongakwenza kulo nyaka.