Ukukhula kuyingxenye yempilo. Ngesikhathi abazali, ogogo nomkhulu nabanye emndenini beguga, kungenzeka behlelwe isivinini abenza ngaso izinto, bakhohlwe kakhulu noma baphathwe yizifo. Yize lokhu kunzima, kuyisikhathi lapho bedinga khona kakhulu uthando, isineke nokwesekwa.
Abantu abaningi abakhulile eNingizimu Afrika baphila nezifo ezingalapheki ezinomthelela ekunyakazeni kwabo nakwindlela abenza ngayo imisebenzi yansuku zonke. Ukuqonda lezi zifo kungasiza sibakhombise ububele nomusa.
UMFUTHO WEGAZI OPHEZULU (High Blood Pressure)
Umfutho wegazi ophezulu uvamise ukubizwa “ngombulali othule” ngoba awuvamisile ukuba nezimpawu ezixwayisayo. Lesi sifo sivela uma umfutho wegazi unamandla kakhulu bese uyasinda emthanjeni yegazi kanye nenhliziyo. Uma ungelashwa, ungaholela kwisifo senhliziyo, isifo sohlangothi, isifo sezinso kanye nenkinga yamehlo. Ukuhlola umfutho wegazi njalo, ukudla ukudla okunempilo, ukuzivocavoca kanye nokuphuza imithi eyalelwe ngudokotela kungawulawula.
ISIFO SIKASHUKELA (Type 2 Diabetes)
Isifo sikashukela kusuke kuyilapho umzimba ungakwazi ukusebenzisa i-insulin kahle, okudala ukunyuka noma ukwehla kakhulu kwamazinga kashukela egazini. Izimpawu ezijwayelekile zihlanganisa ukoma kakhulu, ukuchama njalo, ukukhathala kanye nokungaboni kahle emehlweni, yize abanye abantu bengabi nazimpawu ekuqaleni. Ngokuhamba kwesikhathi, isifo sikashukela singalimaza amehlo, izinso, izinzwa nenhliziyo. Ukulawula isifo sikashukela ngokudla ukudla okunempilo, ukuzivocavoca njalo, imithi kanye nokuhlolwa kungavimbela ukugula okubucayi.
ISIFO SOHLANGOTHI (Stroke)
Isifo sohlangothi siqala uma kuvimbeka ukufinyelela kwegazi kwingxenye yengqondo noma uma umthambo wegazi engqondweni uqhuma. Ngenxa yokuthi ama-cells engqondo asuke encisheke umoya, ngemizuzu nje embalwa kungenzeka umonakalo ongalungiseki. Isifo sohlangothi singathikameza ukukhuluma, ukunyakaza, ukukhumbula kanye nokuma kanti ukululama kuvame ukuthatha isikhathi eside. Ukwelashwa ngodokotela ngokushesha kusemqoka, okuyingakho kubalulekile ukubona izimpawu ezixwayisayo: ukulenga kobuso, ukuphelelwa amandla engalweni eyodwa kanye nokukhuluma kanzima.
ISIFO SAMATHAMBO (Arthritis)
Isifo samathambo yisifo esidala ukushisa kwamalunga omzimba, okuholela kwizinhlungu, ukuqina kanye nokuvuvukala. Sivame ukuhlasela amadolo, izinqulu, izandla nomgogodla, okwenza imisebenzi yansuku zonke efana nokuhamba, ukunyuka izitebhisi noma ukuvula amabhodlela kube nzima. Yize lesi sifo singalapheki, ukuzivocavoca kancane kanye nephysiotherapy kunganciphisa izinhlungu kusize nabantu asebekhulile bakwazi ukunyakaza nokuzimela.
IZIFO ZOKUDIDEKA KOMQONDO (Dementia and Alzheimer’s Disease)
I-Dementia ayiyona ingxenye ejwayelekile yokuguga kodwa iqoqo lezifo ezithinta ukukhumbula, ukucabanga, ukuziphatha kanye nokwenza imisebenzi yansuku zonke. I-Alzheimer’s uhlobo lwe-Dementia olujwayeleke kakhulu. Abantu abaneDementia bakhohlwa abantu ababajwayele, badideke ngesikhathi noma indawo, babuze imibuzo eyodwa bephindelele noma kube nzima ukukhuluma. Yize lezi zifo zingalapheki, imithi, ukulandela uhlelo lwansuku zonke kanye nokwesekwa umndeni kungabasiza abagulayo baphile ngokunethezeka.
AMA-CATARACTS
Ama-Cataracts aqala lapho amehlo eba lufifi, okwenza ukuba angaboni kahle. Abantu abanama-Cataracts kungaba nzima kubona ukufunda, ukushayela ebusuku noma ukubona abantu kahle. Lesi sifo siqala kancane futhi siyimbangela ehamba phambili yokungaboni emehlweni kubantu asebekhulile. Ngenhlanhla, siyelapheka ngokususwa kwengxenye elufifi, umuntu akwazi ukubona kahle futhi.
UKUNGEZWA EMADLEBENI
Ukungezwa emadlebeni kuqala kancane lapho izinyama ezithambile ezingaphakathi endlebeni ziyeka ukusebenza kancane kancane ngokuhamba kwesikhathi. Abantu asebekhulile kungenzeka bangakwazi ukuzwa kahle izingxoxo, ikakhulukazi ezindaweni ezinomsindo futhi bangakucela ukuba uphindaphinde okushoyo kaningana. Uma ukungezwa kungelashwa kungaholela ekucwasweni nasekucasukeni. Izinsizakuzwa kanye nokuhlolwa kokusebenza kwezindlebe kungathuthukisa ukuxhumana nezinga lempilo.
Ukweseka abantu asebekhulile akudingi ukuba nzima. Chitha isikhathi nabo, ubalalele uma bexoxa, ubasize ngemisebenzi yansuku zonke, ubagqugquzele ukuba bazivocavoce nokuthi baphuze imithi yabo futhi ube nesineke uma behamba noma bekhuluma kancane. Ungabafundisa nokusebenzisa ubuchwepheshe obusha ukuze bahlale bexhumene nomndeni nabangane. Ngaphezu kwakho konke, baphathe ngobubele nenhlonipho ngaso sonke isikhathi futhi ungahlekisi ngokukhohlwa kwabo, ukuzwa noma ukukhubazeka kwabo.
Abantu abadala sebechithe iminyaka bekhulisa imindeni, bakha imiphakathi futhi babelana ngolwazi lwabo. Bafanelwe isikhathi sethu, umusa nozwelo. Ngezinye izikhathi, isipho esikhulu ongasinika umuntu osekhulile akuyona imali, ubukhona bakho.