Ulwazi Magazine

Ukuhlala Uphephile Ezinkundleni Zokuxhamana

Emhlabeni wanamhlanje esiphila kuwo wezobuchwepheshe, izinkundla zokuxhuma na ziyingxenye ebalulekile yezimpilo zethu. Kuyinkundla yokuxhumana nabangani nokuhlala wazi ngezinto ezenzekayo. Kodwa kubalulekile ukukhumbula ukuthi yize izinkundla zokuxhumana ziyithuluzi elinamandla, zinobungozi. Kusukela ezinkingeni zobumfihlo kuya ekuhlukumezekeni, buningi ubungozi okufanele abantu abasebenzisa izinkundla zokuxhuamana bazazi. Nawa amasu abalulekile angakusiza uhlale uphep hile ezinkundleni zokuxhumana:

224

 1. Vikela Imininingwane Yakho: Qaphela imininingwane oyifaka ezinkundleni zokuxhumana. Gwema ukufaka imininingwane ebucayi njengekheli lakho lasekhaya, inombolo yocingo, noma ininingwane yakho yezezimali. Ngaphezu kwalokho, buyekeza ama-setting akho obumfihlo njalo ukuze uqinisekise ukuthi imininingwane yakho ibonwa ngabantu obathembayo kuphela. 

2. Cabanga Ngaphambi Kokuba Ufake Okuthile Ezinkundleni Zokuxhumana: Ngaphambi kokuba ufake isithombe noma umbhalo, cabanga ngemiphumela yakho. Uma into usuyifakile enkundleni yokuxhumana, kungaba nzima ukulawula ukuthi ubani oyibonayo noma isabalala kanjani. Gwema ukufaka izinto ezingabonakala zicasula, zingafanelekile noma zingakufaka engcupheni. 

3. Qaphela Abantu Ongabazi: Akusiwo wonke umuntu ezinkundleni zokuxhumana ongulo muntu athi unguye. Qaphela lapho uxoxa nabantu ongabazi futhi ugweme ukubanika iminingwane yakho ebucayi. Khumbula ukuthi kulula ukuthi abantu benze amaphrofayela angombombayi bakhohlise abantu ezinkundleni zokuxhumana. 

4. Bika Okusolisayo: Uma unqwamana n okuthile okusolisayo noma okunobungozi ezinkundleni zokuxhumana, kubike kubaphathi baleyo nkundla ngokushesha. Izinkundla zokuxhumana eziningi zinezinhlelo zokubika ukuziphatha noma izinto ezihlukumezayo noma ezingafanelekile. 

 5. Qaphela Ubugebengu: Qaphela ubugebengu lapho izelelesi zisebenzisa amasu okukuyenga ukuba udalule imininingwane yakho ebucayi noma yokungena ezinkundleni zokuxhumana. Gwema ukucofa ama-link noma ukuphendula imiyalezo evela kubantu ongabazi. Uma uthola umyalezo obukeka usolisa, qinisekisa ukuthi lowo muntu ungulo muntu athi unguye Ngokulandela lamasu, unganciphisa ubungozi obuhlangene nezinkundla zokuxhumana futhi uphephe futhi ujabule uma usezinkundleni zokuxhumana.