Wake wezwa ngebhodi lezifiso namaphupho akho, phecelezi, i-vision board? Ifana nemephu ekusizayo ufinyelele emaphusheni akho. I-vision board inezithombe, amagama nezimpawu okukhombisa izifiso, izinjongo namaphupho akho. Noma ngabe umsebenzi owuthandayo noma uhambo lwekhethelo, i-vision board ilapho ukwazi khona ukubona kahle konke okufisayo.
Ukwenza i-vision board kufana nohambo olunobuciko. Uqala kanje:
1. Qoqa izinto: Uzodinga iphepha elikhulu eliqinile noma ibhodi, amaphephabhuku, isikero, i-glue nama-marker.
2. Cabanga amaphupho amakhulu: Cabanga ngamaphupho akho. Yini ofuna ukuyizuza? Kungaba mayelana nezempilo, umsebenzi, abangani noma izinto ofuna ukuzifunda.
3. Pheqa, usike: Pheqa amaphephabhuku, usike izithombe, amagama nokunye okuhambisana nezinjongo zakho.
4. Hlela kahle, unamathisele: Hlela kahle lokhu osukusikile ephepheni lakho, ukubeke ngendlela ezokwenza umamatheke uma ukubuka. Namathisela kulona iphepha uma ujabule ngendlela ohlele ngayo.
5. Bhala noma udwebe: Ungaphinda udwebe noma ubhale okunye okubalulekile kuwe.
6. Veza Obala: Beka i-vision board yakho lapho uzoyibona khona kakhulu.Kufana nokuba nomngani okukhumbuza ngamaphupho akho.
Ukwenza i-vision board kusho lukhulu, ngezinye zezinyathelo zokuqala zokufe- za amaphupho akho, kukhombisa ukuthi uyakholwa ukuthi amaphupho akho angafezeka. Thola amaphephabhuku, uqale indlela eya empumelelweni yakho!