Uma uthatha imithi noma amaphilisi usuke welekelela umzimba ukuthi ukwazi ukulwisana nesifo noma ukugula okuwuhlasele. Kubaluleke Ngani Ukuphuza Umuthi Noma Amaphilisi Ngendlela Oyalelwe Ngayo?
Umuthi namaphilisi kukalelwe isikhathi okungasihlala futhi kusebenze emzimbeni wakho, uma sesiphelile leso sikhathi, nawo umuthi noma amaphilisi kube sekuphela emzimbeni, bese kudingeka uphinde ukuthathe ukuze kuqhubeke kusebenze.
Ukulandela indlela oyalelwe ngayo ukuba uphuze umuthi noma amaphilisi, kulekelela umzimba ukuthi ululame. Kwenzakalani Uma Ungawuthathi Umuthi Noma Amaphilisi Ngendlela?
• Uma uthatha isikali esingaphezulu kwalesi oyalelwe sona, kungaba nemiphumela emibi (side effects) engenza ukugula kuqhubekele phambili.
• Uma uthatha isikali esingaphansi kwalesi oyalelwe sona, umuthi noma amaphilisi akubi nawo amandla anele okulekelela umzimba, lokhu kungenza ukugula kuqhubekele phambili ngenxa yokuthi umzimba awutholanga isikali somuthi noma amaphilisi esilingene ukulwisana nesifo.
Ngakho ke, kubalulekile ukuthi sithathe imithi namaphilisi ngendlela nangesikhathi esibekiwe, ukuze sikwazi ukulekelela imizimba yethu inqobe ukugula