Amaholidi ayisikhathi esihle kakhulu sokuzama izitayela ezahlukahlukene zezinwele, noma ngabe uzohambela imicimbi noma ufuna nje ukushintsha indlela obukeka ngayo. Nokho kubalulekile ukukhumbula ukuthi izitayela zezinwele ezahlukene zidinga ukunakekelwa ngezindlela ezithile ukuze ugcine izinwele zakho zizinhle kuze kuphele isikhathi samaholidi.
Amasingili ayisitayela seminyaka futhi esihamba nanoma yini. Gcina isikhumba sekhanda lakho namasingili kuhlanzekile ngokukuhlanza ngensipho ewuketshezi engenawo ama-sulfate.Gcoba umkhiqizo owenziwe ngamafutha futhi ongasindi ezinweleni zakho ukuze ugweme ukoma.Gwema ukuqinisa kakhulu ngoba kungaholela ekuphukeni kwezinwele.
Amawigi namawivu ayindlela esheshayo nenestayela yokushintsha indlela obukeka ngayo ngaphandle kokushintsha izinwele zakho zemvelo.Khumula iwigi njalo ekupheleni kosuku ukuze izinwele zakho zemvelo ziphefumule. Hlanza isikhumba sekhanda lakho ngensipho ewuketshezi engenabo utshwala nama-sulfate.Ungakhohlwa ukuhlanza iwigi yakho ngoba nayo ingangcola ngokuhamba kwesikhathi.
Ukudaya izinwele yindlela emnandi yokubungaza amaholidi kodwa zidinga ukunakekelwa okwedlulele ukuze zihlale zinempilo futhi zigcine umbala wazo. Sebenzisa insipho ewuketshezi nomkhiqizo wokuthambisa ophephile ezinweleni ezinombala nengenawo ama-sulfate. Hlanza izinwele njalo emva kwezinsuku ezimbalwa ukuze ugweme ukuphupha kombala.Gcoba amafutha okuvikela umbala noma isifutho sokuvikela izinwele emisebeni yelanga. Cabanga ukusebenzisa imikhiqizo yokuthambisa izinwele ukuze ugweme ukoma nokulimala kwazo. Kukho konke, ungazidayi uphinde uzelule izinwele ngesikhathi esisodwa!
I-snoopy yisitayela esidala futhi esihle sokweluka. Gcina i-snoopy sakho sihlanzekile ngokuhlanza isikhumba sekhanda lakho ngensipho ewuketshezi engenawo ama-sulfate.Gcoba umkhiqizo owenziwe ngamafutha,ongasindi, ukugwema ukoma.Gwema ukudonseka kwezinwele ngesikhathi uluka ukuze zingaphuki.Shuqula ngeduku le-silk noma le-satin noma i-bonnet ngesikhathi ulala ukuze uvikele umluko wakho.
Izinwele zemvelo zihlukile, zinhle futhi zingezinye zezitayela zamaholide ezinhle kakhulu.Gcina izinwele zakho zinempilo ngokuzihlanza ngensipho ewuketshezi engenawo ama-sulfate.Sebenzisa umkhiqizo wokuthambisa izinwele noma imaski yezinwele ezozenza zithambe futhi zibukeke kahle. Sebenzisa iminwe yakho noma ikama elinamazinyo agqagqene ukuhlukanisa izinwele zakho,uqale ekugcineni kwazo wehle.