Kuqala ngendlela efanayo njalo. Umngani wakho ukuthumelela umyalezo ngo-WhatsApp othi: “Ngifake u-R500 izolo ngathola u-R2000 namhlanje!” Noma mhlawumbe kunomuntu ku-TikTok oveza imali eningi nezithombe zemibiko yasebhange, ethembisa ukukusiza “ushintshe impilo yakho” uma nje ungatshala inani elincane lemali naye. Kuzwakala kujabulisa uma kusaqala. Uqale ucabange yonke into ongayithenga, amateku amasha, umakhalekhukhwini omusha, noma ukusiza umndeni wakho ngezindleko. Kuzwakala njengethuba okade wawulilindele. Kodwa bakubamba la, kufanele uphuthume ngoba “izikhala ziyaphela”. Bayakwexwayisa ukuba ungaphuthelwa ngoba wonke umuntu wenza imali. Okulandela lapho ukuboleka imali, ukusebenzisa imali obuyibekile noma ukunxenxa abangane nomndeni ukuba bangenele nabo.
Okwesikhashana, yonke into ibukeka ihamba kahle. Abantu abambalwa bayenza ngempela imali, okwenza lolu hlelo lubukeke lusebenza. Bese konke kuyashintsha. Iqoqo laku-WhatsApp linyamalale. I-website iyeke ukusebenza. Ucingo lomhleli alusangeni. Amakhasi ezinkundleni zokuxhumana asevaliwe kanti nabantu ababenxenxa wonke umuntu ukuba ajoyine abasatholakali. Sesikubonile lokhu kwenzeka kaningi lapha eNingizimu Afrika. Amagama alezi zinhlelo ayashintsha, kodwa indlela ezisebenza ngayo ziyafana.
Isizathu esenza abantu abaningi bayikholwe le nkohliso ukuthi lezi zinhlelo zithengisela abantu ithemba. Zithembisa imali esheshayo ngomsebenzi omncane, zikwenze ukholwe ukuthi uthole indlela esheshayo ngesikhathi wonke umuntu ehamba indlela ende. Ngokweqiniso, kulezi zinhlelo kuzuza abantu abajoyine zisaqala. Inzuzo yabo iqhamuka emalini ekhokhwa amalunga amasha, hhayi kwibhizinisi langempela, umkhiqizo noma utshalomali. Ngokuhamba kwesikhathi, ababi baningi abantu abajoyinayo. Yilapho ibhanoyi khona lishiya laba abajoyine ekugcineni bengenalutho ngaphandle kwezithembiso ezingafeziwe.
Kungaba mnandi ukube imali ibiphindaphindeka ngempela emahoreni ambalwa nje. Ngeshwa, imali ayisebenzi kanjalo. Ingcebo yangempela yakhiwa ngesikhathi, isineke, imfundiso, ukufunda, ukonga, ukutshala imali ngobuhlakani kanye nokwenza amaphutha ngezinye izikhathi. Kungangazwakala kujabulisa kodwa iyona ndlela esebenzayo.
Ngaphambi kokutshala imali yakho, zibuze imibuzo embalwa ebalulekile. Ngabe lo muntu uthembisa inzuzo eqinisekiwe? Ukufakela ingcindezi yokuba ujoyine ngokushesha? Kulindeleke ukuba ufake abanye abantu ngaphambi kokuba uhole? Uma impendulo kungu-yebo, linda ucabange kahle. Khuluma nabazali bakho, uthisha omethembayo noma umuntu onolwazi ngezezimali ngaphambi kokuba unikele ngemali yakho. Ungavumeli ingcindezi yokungafuni ukusala ngaphandle ikwenzise izinqumo zezezimali. Isizukulwana nesizukulwana sinohlobo lwaso sephupho “lokuceba ngokushesha”. Izinkundla ziyashintsha. Ukukhangisa kuyashintsha. Amagama ayashintsha. Kodwa kuphetha ngendlela efanayo.
Ungavumi ukunikela ngemali yakho oyisebenze kanzima. Yiba nesineke, wenze izinqumo ezisekelwe ulwazi futhi wakhe ikusasa lakho ngesinyathelo esisodwa esiphusile ngesikhathi. Ingcebo yangempela ayakhiwa ngo