Ulwazi Magazine

Fundisa Abantu Ukuthi Bakuphathe Kanjani

Elinye lamaphutha amakhulu esiwenzayo ukulindela abantu ukuba bazi ukuthi basiphathe kanjani. Sicabanga ukuthi kusobala kanti isikhathi esiningi, kufanele sibatshele. Imingcele imithetho ozibekela yona – okwamukelayo, ongakwamukeli kanye nezimiso zakho. Uma ungayicacisi leyo mithetho, abantu bazoyephula, kwesinye isikhathi benganakile. Kanti kwesinye isikhathi bazosizakala ngokuthi awushongo lutho. Uma ungayivikeli imingcele yakho, uzwa emzimbeni ngaphambi kokuba wazi ukuthi konakelephi. Imizwa yenzondo, ukukhathala ukushintsha ngoba ufuna ukugcina ukuthula, umzwangedwa ongajwayelekile wokuphila nabantu abangakwazi kahle ngoba awubatsheli ukuthi uzizwa kanjani.

Ukuba nomusa nokwamukela izimo kuhle kodwa hhayi uma kuzokwephuca ukuthula kwakho, ukuzihlonipha noma ubuwena. Ukubeka umngcele akusho ukuthi uyalwa, kusho ukuba neqiniso, ukuhlala uzolile nokuqonda lokho okushoyo. Khuluma ngokucacile futhi ungaxolisi. Awukweleti muntu incazelo ende ngezidingo zakho.

 

Sebenzisa u-“mina” kuno-“wena”, kugcina inkulumo iqondile futhi ingenazinsolo. Uma umuntu ekulwisa, uvumelekile ukuma ephuzwini lakho, ukungaphatheki kahle kwakhe akusho ukuthi wonile. U-cha uwodwa ungumusho ophelele, akuphoqi ukuba ulandelwe isizathu. Uma uzijwayeza ukusho lezi zinto, zizoyeka ukuzwakala njengokulwa, zizogcina sezizwakala njengeqiniso.

 

Nansi imisho ongazijwayeza yona ngokuyiphimisa, ingangajwayeleka uma usaqala kodwa qhubeka uyisho.

  • “Angikhululekile ngalokho.”
  • “Cha, ngiyabonga.”
  • “Lokho akungisebenzeli.”
  • “Ngidinga isikhathi sokucabanga ngakho.”
  • “Ngicela ungakhulumi nami kanjalo.” “Ngiyaluhlonipha uvo lwakho kodwa ngiyaphikisana nalo.”
  • “Ngikhetha okungisebenzelayo.”
  • “Ngingakujabulela ukusiza, kodwa ngeke ngikwazi namhlanje.”
  • “Imizwa yami ibalulekile nayo.” Abantu abakukhathalelayo ngempela bazoshintsha.

Kungenzeka bangayithandi yonke imingcele oyibekayo kodwa bazoyihlonipha. Abangakwenzi lokho, uzobazi ukuthi bamiphi. Ukubeka imingcele akukho mayelana nokuqhelisa abantu, kumayelana nokuvula isikhala sezinto ezibalulekile: isikhathi sakho, izimiso zakho, impilonhle yakho, injabulo yakho. Indlela abantu abakuphatha ngayo yenziwa imigomo ozibekela yona. Yilapho kuqala khona.