Ulwazi Magazine
Siphila esikhathini lapho ulwazi nezinsiza kutholakala kalula, kanti kulele kithi ukusebenzisa leli thuba. Esikhathini samanje, awudingi ukuthi uze uqede u-matric ukuze ufunde amakhono amasha, kahle-kahle ngokufunda ikhono nge-internet, ungazithola usukude kakhulu kunozakwenu. Inzuzo enkulu kakhulu yokufunda ikhono nge-internet ukuthi kungakusiza wenze imali usafund isikole. Ungaqala usebenzise ikhono lakho ukuze wakhe imisebenzi eminingi ebonakala ezinkundleni zokuxhumana, uhlinzeke ngezinsizakalo ezithile, noma uthengise impahla.
Nazi izibonelo zamakhono ongazifundisa wona nge-internet:
Kune nqwaba yezinsiza ezikhona kwi-internet, ungazifundisa konke okubalulekile ngokushutha izithombe futhi uqale ibhizinisi lakho lokushutha.
Ungafunda ukwenza ama-vidiyo aseqophelweni eliphezulu ngokubuka izifundo zakuYouTube nezinye izinkundla ezisebenza nge-internet.
Uma ukuthanda ukupheka nokubhaka, ziningi izinsiza ezikhona kwi-internet ezingakufundisa ukupheka izidlo eziconsisa amathe nokubhaka amakhekhe ehla es’phundu
Ungafunda ukuhweba ngamasheya, i-cryptocurrency kanye nokunye ngokusebenzisa izinkundla zokuhweba kwi-internet nokulandela izinsiza ezikhona.
Ziningi izifundo ezitholakala kwi-internet ezingakufundisa ukubhala i-code nokukwakha ama-app, noma ungakaze ukwenze ngaphambilini.
Ezinye zezinsiza zamahhala ongazisebenzisa ukufunda lamakhono zihlanganisa i-YouTube kanye ne-Google Skills for Africa. I-YouTube yinkunda enhle kakhulu yokuthola amavidiyo nezifundo nganoma yisiphi isihloko. I-Google Skills for Africa yinkundla yamahhala ehlinzeka ngezifundo zobuchwepheshe, ibhizinisi/ukuzisebenza, kanye nokuthuthukisa umsebenzi emkhakheni wakho. Ngakho-ke,noma ngabe ufuna ukufunda into entsha ozochitha ngayo isikhathi noma ufisa ukungena emkhakheni omusha, asikho isizathu sokuba uzincishe ulwazi. Ngale nqwaba yezinsiza ezikhona kwi-internet, ungazifundisa cishe noma yini ofuna ukuyazi.