GRADE 8 — Zihlole futhi Uzithole
U-Grade 8 umayelana nokuzithola. Bheka kahle izifundo zakho ezahlukene uthole ukuthi iziphi ozithandayo nowenza kahle kuzo. Kanti futhi yisikhathi esihle sokuqinisa lapho ubungenzi kahle khona kusukela esikoleni samabanga aphansi.
GRADE 9 — Hlola Ikusasa Lakho
U-Grade 9 unyaka obalulekile wokukhetha izifundo ozozenza kwa-Grade 10 kuya ku-GradeNgaphambi kokwenza lezi zinqumo, qala wenza ucwaningo ngemisebenzi nezifundo namamaki adingekayo. Izifundo ozikhethayo zinomthelela kwizifundo zemfundo ephakame ozokwazi ukungena kuzona emva kukamatikuletsheni. Ungazikhethi ngaphandle kokucabanga ukuthi ufuna zikuyisephi.
GRADE 10 — Funda futhi Uzicije
U-Grade 10 ufika nezifundo ezintsha nomsebenzi omningi. Zinike isikhathi sokuzifunda futhi wenze kahle kuzona. Amamaki akho aqala manje ukwakha irekhodi lakho lezemfundo. Eminye imifundaze idinga imiphumela esuka ngisho kwa-Grade 10, ngakho ke ungacabangi ukuthi imiphumela kamatikuletsheni kuphela ebalulekile.
GRADE 11 — Zilungiselele, Wakhe
U-Grade 11 unyaka obaluleke kakhulu. Amanyuvesi amaningi asebenzisa imiphumela yabafundi yakwa-Grade 11 uma abafundi befaka izicelo zokufunda, ngakho ke imiphumela emihle ingasiqinisa isicelo sakho. Kubalulekile futhi ukuqonda umsebenzi wakho wakwa-Grade 11 ngokuphelele. Okuningi okufundayo kwa-Grade 11 kuyisisekelo salokho ozohlolwa ngakho kumatikuletsheni. Yenza isiqiniseko sokuthi uyakuqonda kahle konke, kunokukhumbula nje. Uma kungenzeka, qala ngomsebenzi wakwa-Grade 12 ungakafiki kumatikuletsheni.
GRADE 12 — Qinisa Kakhulu
Umatikuletsheni usemqoka, kodwa futhi unyaka omfishane futhi onzima. Kuningi okufundwayo esikhathini esincane, ngakho ke ukulinda uze ufike kwa-Grade 12 ukuze uzilungiselele kungakufakela ingcindezi. Sebenzisa ulwazi, amakhono nezindlela zokufunda owakwakha kusukela ku-Grade 8. Zazi ukuthi ufunani, ugxile kukhona wenze konke ongakwenza kulo nyaka.