Wonke umndeni uhlukile. Eminye mincane – uwena, umzali nodadewenu noma umfowenu. Eminye mikhulu, inabazala, obabekazi, omalume nogogo nomkhulu bonke behlala ndawonye. Amanye amakhaya anabazali ababili, amanye zz z anomzali oyedwa. Abanye bakhuliswa ugogo noma udadewabo noma umfowabo omdala. Awukho umndeni owodwa ojwayelekile kodwa noma ngabe owakho unjani, kuningi ongakufunda kuwona, okuhle nokubi.
Qala ngalokho umndeni wakho okwenza kahle. Mhlawumbe uphuma emndenini olwela lokho okholelwa kukhona. Mhlawumbe umndeni wakho uyanakekelana, uyathandana futhi uyesekana. Noma ngabe yini enhle, kubalulekile ukuyiqaphela. Lezi yizinto okubalulekile ukuqhubeka nazo – imikhuba, izimiso kanye nezindlela zokweseka abantu ofuna ukubagcina empilweni yakho. Bese ubheka okubi, ngeqiniso. Lokhu kunzinyana kodwa kubalulekile. Mhlawumbe kunomkhokha emndenini wakho ongafuni ukuwuphinda – ukuhlukumezeka, izidakamizwa, inhlupheko noma ukungafundi. Ukukhuluma ngako akuyona into embi. Kumayelana nokubona kahle ukuze ukwazi ukuzenzela izinqumo ezehlukile.
Ngezinye izikhathi ukuqeda umkhokha kuqala ngawe. Ukuba ngowokuqala ukuphasa umatikuletsheni. Owokuqala ukuya enyuvesi. Owokuqala ukuthenga imoto, ukuthenga umuzi noma ukuthola iziqu ongekho emndenini oseke waba nazo. Ukuba ngowokuqala kunzima, ngoba akekho okukhombisa ukuthi kwenziwa kanjani. Ufunda ngendlela, kwesinye isikhathi ngaphandle komuntu ozokweseka noma akukhombise indlela. Lokhu kunzima kodwa akusho ukuthi akwenzeki. Yonke imindeni inomuntu wokuqala ukwenza okuthile, owenza isinqumo sokuthi umkhuba othile ugcina ngaye.
Umndeni uyakubumba, uthanda ungathandi, kodwa kukuwena ukuthi iyiphi ingxenye yalokho kubunjwa oyigcinayo. Thatha okuhle, ufunde kokubi. Uma kunguwe okufanele aqede umkhokha othile emndenini wakho, vumela lelo joka likugqugquzele kunokuthi likusinde. Akulula kodwa kufanele ukwenzele wena nalabo abeza emva kwakho.